Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:7 - IsiZulu 2020

7 UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UDavide wathi kuSolomoni: “Ndodana yami, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,


ukuba amehlo akho ayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ ukuze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”


Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”


ngingakamtholeli uSimakade indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ