Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:16 - IsiZulu 2020

16 eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Igolide, isiliva, ithusi, nensimbi, akunakubalwa. Sukuma wenze, uJehova abe nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:16
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda.


USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi okwakungekho okokusikala.


“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


“Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.


Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, izisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:


UDavide waqokelela nensimbi eningi yokwenza izipikili zeminyango nezamasango nezokuhlanganisa ithusi eliningi elisisindo salo singenakulinganiswa,


Bheka manje, qina ukwenze lokhu, ngokuba uSimakade ukukhethile ukuba wakhe indlu, ibe yindlu engcwele.”


Sengiyilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami wonke, igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, ithusi lokwethusi, insimbi yokwensimbi, imithi yokwemithi, amatshe amashohamu nawokufakwa, amatshe ahlobisayo nanemibala eyehlukeneyo, izinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.


USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


USimakade wathi kuJoshuwa: “Sukuma! Uweleni ngobuso emhlabathini, na?


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ