Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:13 - IsiZulu 2020

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:13
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda.


Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.


Bheka manje, qina ukwenze lokhu, ngokuba uSimakade ukukhethile ukuba wakhe indlu, ibe yindlu engcwele.”


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


Ngiyakuwumisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma eqinisela ukugcina imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.’


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, izwe laba nokuthula; kwakungekho ukulwa kuleyo minyaka ngokuba uSimakade wayemnike ukuthula.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Wayelokhu efune uNkulunkulu ngesikhathi sikaZakhariya owamfundisa ukwesaba uNkulunkulu. Ngemihla ayemfuna ngayo uSimakade, uNkulunkulu wambusisa kakhulu.


“Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningadangali ngenxa yenkosi yase-Asiriya nangenxa yesixuku ehamba naso, ngokuba mkhulu onathi kunalowo onaye.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.


Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho.


Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qinisani izandla zenu, nina eniwezwayo kule mihla lawa mazwi akhulunywa ngabaphrofethi ababekhona mhla kubekwa isisekelo sendlu kaSimakade, ithempeli, ukuba lakhiwe.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


Esemsusile esihlalweni, wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide indodana kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza yonke intando yami.’


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.


Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.


Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ