Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 22:10 - IsiZulu 2020

10 Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu; yena uyakuba yindodana Kimi, mina ngibe nguyise wayo; ngiyakumisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe phezu kuka-Israyeli kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 22:10
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi u-Adoniya: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami, nokuthi wonke u-Israyeli wayebheke ukuba kubuse mina. Nokho-ke izinto zaguquka, umbuso wase ubuyela kumfowethu, uSolomoni, ngokuba yena wayeqokwe nguSimakade.


Ngakho ngifunga ngiyagomela kuSimakade ongimisile, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide, ubaba, waze wangenza ngayindlu njengokusho kwakhe, namuhla uzobulawa u-Adoniya.”


Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukufezile lokhu ngesandla sakhe, ethi:


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


ogcine nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakusho kuyo, yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukufezile ngesandla sakho namuhla.


Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.”


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Ngokuba yiyiphi phakathi kwezingelosi ake athi kuyo: “Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, Yona ibe yiNdodana kimina,” na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ