Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 21:7 - IsiZulu 2020

7 Lokhu kwakukubi phambi kukaNkulunkulu, ngalokho-ke wamjezisa u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwaba kubi kuNkulunkulu ngale ndaba; ngalokho wamnqoba u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 21:7
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


kodwa uma ethi: ‘Angithokozi ngawe;’ bheka, ngilapha; makenze kimi lokho akubona kufanele.”


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.


Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


UDavide wahlabeka enhliziyweni emveni kokuba esebabalile abantu, wathi kuSimakade: “Ngonile kakhulu ngalokhu engikwenzileyo. Kepha manje, Simakade, siza uthethelele isiphambeko esenziwe yinceku yakho, ngokuba yenze ubuwula obukhulu.”


Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.


USimakade wathumela ubhubhane kwa-Israyeli, kwafa abantu abayizi-70 000 kwa-Israyeli.


AbaLevi nabakwaBhenjamini abazange babalwe, ngokuba uJowabe wayecunulwe yizwi elalikhishwe yinkosi.


UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngale nto engiyenzileyo. Manje Simakade, ake uthethelele inceku yakho icala elenzileyo, ngokuba ngenzile ubuwula obukhulu.”


Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli.


“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ