Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 21:16 - IsiZulu 2020

16 UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 21:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya izwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


Yebo, ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, bese kuthi izingalo zikaFaro ziyethe. Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBhabhele; yona iyakuyelulela phezu kweGibhithe, imelane nalo.


Kwathi esababulala, sekusele mina nje kuphela, ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Ingabe uzoyibhubhisa yonke insali yakwa-Israyeli lapho uthulula intukuthelo yakho phezu kweJerusalema na?”


UMose no-Aroni bathi mbo ngobuso phansi, phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantu bakwa-Israyeli.


UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”


Imbongolo yayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba yayo eyayiyiphethe ngesandla, yaphambuka endleleni, yayohamba ensimini. UBhileyamu wayishaya imbongolo ukuze ibuyele endleleni.


USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso.


Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ