1 iziKronike 21:13 - IsiZulu 202013 UDavide wathi kuGadi: “Ngidabuka kakhulu; kungcono mangiwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kunokuba ngiwele esandleni somuntu.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202413 UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; mangiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kepha mangingaweli esandleni somuntu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
“Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.