Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 21:12 - IsiZulu 2020

12 ‘Zikhethele noma kube yiminyaka emithathu yendlala, noma izinyanga ezintathu unqotshwa yizitha zakho ngenkemba yazo, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaSimakade nobhubhane ezweni, ingelosi kaSimakade ibhubhisa kulo lonke elakwa-Israyeli. Manje-ke qoka, lizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo na?’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Noma iminyaka emithathu yendlala; noma izinyanga ezintathu ukuchithwa phambi kwezitha zakho, inkemba yezitha zakho ikufice; noma izinsuku ezintathu inkemba kaJehova, isifo esiwumshayabhuqe ezweni, ingelosi kaJehova ichitha kuzo zonke izifunda zakwa-Israyeli. Ake nginitshele ukuthi yizwi lini engiyakulibuyisela kongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 21:12
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”


UGadi wafika kuDavide, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi:


nobhubhane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini bebade.


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Ngokuba ngomlilo nangenkemba, uSimakade uyokwehlulela bonke abantu, bayoba baningi abayobulawa nguSimakade.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


kuyakuthi inkemba eniyesabayo inifice khona eGibhithe, nifele lapho.


“Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


Bangcono abafe ngenkemba kunalabo ababulewe yindlala, babhuqwabhuqwa yinkemane, ngenxa yokweswela ukudla okuvela emasimini.


Niyakudla okugcinwe ezinqolobaneni, nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Kepha impela ngithi kini: ngezinsuku zika-Eliya kwakukhona abafelokazi abaningi kwa-Israyeli; izulu lomisile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.


USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.


USimakade uyokushaya ngamathumba amabi, ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela emadolweni akho nasemilenzeni, ematheni onyawo lwakho kuze kube sokhakhayini lwekhanda lakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ