Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 20:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi umnyaka usuphelile, ngesikhathi amakhosi ephuma ngaso impi, uJowabi wakhupha amaqhawe ebutho, walichitha ilizwe labantwana bakoAmoni, wafika wavimbezela iRaba. Kodwa uDavida wahlala eJerusalema. UJowabe walishaya iRaba, walichitha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 20:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi,


Umphrofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba, uziqinise, uqaphele, ubone ukuthi uzokwenzani, ngoba emva konyaka inkosi yama-Aramu izobuya, izokulwa nawe.”


Kwathi emva konyaka, uBheni Hadadi wahlanganisa ama-Aramu, wayesenyukela e-Afeki ukuyolwa no-Israyeli.


U-Elisha wafa, bammbela. Kwakuthi ngokwethwasa konyaka, izwe lihlaselwe ngamaviyo akwaMowabi.


Izinceku zikaHadadezeri zabona ukuthi zehluliwe ngu-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza. Ama-Aramu awaphindanga afuna ukusiza abakwa-Amoni.


“Mina ngidale umkhandi ovuthela amalahle emlilweni, akhiqize izikhali ezilungele umsebenzi wakhe; Mina ngidalile futhi umbhubhisi, ukuba abhubhise.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ