Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:7 - IsiZulu 2020

7 Baqasha izinqola eziyizi-32 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo beza bakanisa phambi kweMedebha. Abakwa-Amoni babuthana bephuma emizini yabo; beza ukuzokulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Base beqasha izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahaga nabantu bayo; owafika wamisa inkamba phambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana emizini yabo, beza empini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:7
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


UDavide wathatha kuye izinqola eziyinkulungwane, abamahhashi abayizi-7 000 nemigundatshani eyizi-20 000. UDavide wanquma imisipha yamahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela awezinqola eziyikhulu.


UDavide wezwa ngalokho, wathumela uJowabe nayo yonke impi namabutho angamaqhawe.


UZera, umKhushe, waphuma namabutho ayizi-100 000 nezinqola eziyizi-3 000 ukuba azolwa naye, wafika eMaresha.


AbaseGibhithe babalandela ngamahhashi, nezinqola zempi zikaFaro, nempi yakhe, babafica bekanise ngasolwandle ePhi Hahirothi, phambi kweBhali Zefoni.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


“Sibacibe ngemicibisholo; iHeshibhoni siyibhubhisile saze sayofinyelela eDibhoni. Sibabhubhise saze sayofika eNofa elendlalekele eMedeba.”


Indawo yabo yayisuka e-Aroweri ngasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nawo wonke amathafa ngaseMedeba,


kusuka e-Aroweri elingasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nethafa kusuka eMedeba kuya eDibhoni;


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ