Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 19:2 - IsiZulu 2020

2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethumela izithunywa ukuba ziyomduduza ngokulahlekelwa nguyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni kuHanuni, zamduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavida wasesithi: Ngizamenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, ngoba uyise wangenzela umusa. UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zase zifika izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni eHanuni ukumduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 19:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


Wathi kuye: “Ake usho kuye uthi: ‘Bheka, usinakekele ngakho konke lokhu kunakekela; yini ongenzelwa yona na? Uthanda ukukhulunyelwa enkosini noma kumkhuzi wempi na?’ ” Wathi: “Ngihlezi phakathi kwabantu bakithi.”


Kwathi emveni kwalokho uNahashi, inkosi yakwa-Amoni, wakhothama, indodana yakhe yabusa esikhundleni sakhe.


Kepha izikhulu zakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ngabe ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza, ngokuba ehlonipha uyihlo na? Akazithumelanga yini izinceku zakhe ukuba zizohlola izwe nokuba ziwuqumbe phansi umbuso wakho na?”


Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,


UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”


Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,


Inkosi yabuza yathi: “Wahlonishwa kanjani, futhi wanikwa mklomelo muni uMoridekhayi ngaleso senzo na?” Izinceku zenkosi ezazilapho ziyikhonza zaphendula, zathi: “Akenzelwanga lutho.”


Kulowo muzi kwakukhona indoda empofu ehlakaniphile, yona ngokuhlakanipha kwayo yawuhlenga, kodwa akekho oyikhumbulayo leyo ndoda empofu.


Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo.


UDavide esefikile eZikilagi, wathumela enye impango kumalunga akwaJuda nakubangani bakhe, wathi: “Bhekani, nasi isipho senu esiyimpango ethathwe ezitheni zikaSimakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ