Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:4 - IsiZulu 2020

4 UDavide wathatha kuye izinqola eziyinkulungwane, abamahhashi abayizi-7 000 nemigundatshani eyizi-20 000. UDavide wanquma imisipha yamahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela awezinqola eziyikhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.


UDavide wathumba abamahhashi abayi-1 700, nemigundatshani eyizi-20 000; uDavide wanquma imisipha yawo wonke amahhashi ayedonsa izinqola, washiya kuphela ayikhulu.


USolomoni waqoqa izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyi-1 400 nabamahhashi abayizi-12 000, wakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


Nanka amagama ezikhulu zayo: u-Azariya, indodana kaZadoki, owayengumphristi;


UDavide wahlasela uHadadezeri, inkosi yaseZobha, ngaseHamathi, ngesikhathi ephumile ukuyoqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni iYufrathe.


Kwase kufika ama-Aramu aseDamaseku ezosiza uHadarezeri, inkosi yaseZobha, uDavide wabulala abantu bakhona abayizi-22 000.


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ