Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:16 - IsiZulu 2020

16 UZadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abhimeleki, indodana ka-Abhiyathara, babengabaphristi, uShawusha engumbhali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 USadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki, indodana ka-Abiyathara, babengabapristi; futhi uShavasha wayengumlobi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:16
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USheva engunobhala, uZadoki no-Abhiyathara bengabaphristi.


uZadoki, indodana ka-Ahithubi no-Ahimelekhi, indodana ka-Abhiyathara, bengabaphristi; uSeraya engumbhali;


Inkosi yambeka uBhenaya, indodana kaJehoyada, waba ngumkhuzi wempi esikhundleni sikaJowabe. UZadoki, umphristi, inkosi yambeka waba ngumphristi esikhundleni sika-Abhiyathara.


u-Elihorefi no-Ahiya, amadodana kaShisha, ababengababhali; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, owayengumabhalane;


UJowabe, indodana kaZeruya, wayephethe impi uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide ayesondele, engawokuqala ngasenkosini.


UDavide, uZadoki, omunye wozalo luka-Eleyazare, no-Ahimeleki, wozalo luka-Ithamari, babehlukanisa ngezigaba zabo, ngokomsebenzi wabo.


UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongumLevi, waloba phambi kwenkosi, nezikhulu, naphambi kukaZadoki, umphristi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abhiyathara, nezinhloko zoyise, abaphristi nabaLevi. Enye indlu yoyise yayivela ku-Eleyazare, enye ivela endlini ka-Ithamari.


Kwaphunyuka indodana eyodwa ka-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi ogama layo ngu-Abhiyathara, yabaleka, yalandela uDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ