Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:13 - IsiZulu 2020

13 Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wamisa abalindi kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. Ngakho uJehova wamvikela uDavida yonke indawo ayeya kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:13
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


U-Isaka wamphendula u-Esawu, wathi: “Sengimenze waba yinkosi yakho, nganikela abafowabo nodadewabo ukuba babe yizinceku zakhe, futhi ngamabela ukudla newayini. Yini-ke enye engingakwenzela yona ndodana yami na?”


Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”


UDavide ngaleso sikhathi wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhethlehema.


Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi.


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


UDavide wabusa phezu kwawo wonke u-Israyeli, wenza ubulungiswa nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


UDavide wamisa amabutho e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela kuye. USimakade wamenza ukuba uDavide anqobe noma kuphi lapho eya khona.


USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


U-Edomi uyakuba yisabelo sakhe neSeyire izitha zakhe zibe yifa lakhe. U-Israyeli uyakudlondlobala ngamandla.


NgiseDamaseku induna yenkosi u-Aretha yawuqapha umuzi wabaseDamaseku ukuze ingibambe;


“Emveni kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu; ikhanda lempi yamaFilisti lilapho. Kuyakuthi uma usufikile kulowo muzi, uyohlangana neviyo labaphrofethi behla endaweni ephakemeyo, kunogubhu, isigubhu, igekle, nehabhu phambi kwabo, bephrofetha.


UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!”


Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho.


UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ