Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:12 - IsiZulu 2020

12 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Abishayi indodana kaSeruya wakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti wabulala izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:12
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amabutho aseleyo wawashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, wawathuma ukuba ayokulwa nabakwa-Amoni.


Lapho abakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kwa-Amoni, waya eJerusalema.


Wayesethi uDavide ku-Abhishayi: “USheba, indodana kaBhikhiri, izokwenza kithi umonakalo omkhulu kunalowo ka-Absalomu. Thatha izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa aze azitholele imizi ebiyelweyo, aphele emehlweni.”


Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, bambulala u-Abhineri, ngoba wayebulele umfowabo, u-Asaheli, empini eGibheyoni.


Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade.


Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi.


Wabulala izi-10 000 zabakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti, wadla iSela; wayeseliqamba kabusha ethi yiJokitheyeli, okuyigama lalo kuze kube namuhla.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.


Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.


Abantu abaseleyo wabashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, bazihlela ukuba balwe nabakwa-Amoni.


odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.


U-Amaziya waqunga isibindi, wahola abantu bakhe waya eSigodini Sikasawoti, wabulala abantu baseSeyiri abayizi-10 000.


Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.


Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza, zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.


UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”


U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ