Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 18:11 - IsiZulu 2020

11 Inkosi uDavide wazingcwelisa nalezi zitsha kuSimakade, nesiliva negolide ayekudle ezizweni zonke zakwa-Edomi, kwaMowabi, nakubantu bakwa-Amoni, nakumaFilisti nakuma-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Inkosi uDavide nayo yangcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyalikhipha kuzo zonke lezi zizwe; kwa-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 18:11
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Sewuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenza endlini kaSimakade, uSolomoni wangenisa izinto ezingcwele zikayise uDavide, isiliva, igolide nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaSimakade.


UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele ezazingcweliswe nguJehoshafathi, uJehoramu no-Ahaziya, okhokho bakhe ababengamakhosi akwaJuda, nazo zonke izinto zakhe ezingcwele nalo lonke igolide elatholakala engcebeni yendlu kaSimakade nasesigodlweni, wakuthumela kuHazayeli, inkosi yase-Aramu. UHazayeli wayesesuka eJerusalema.


wathumela uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyocela ukuba babe nesivumelwano sokuthula nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayevame ukulwa noThowu. Wamphathisa izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


“Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.


KubaLevi, u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Wonke umsebenzi uSolomoni ayewenza endlini kaSimakade waphothulwa. USolomoni wayesengenisa zonke izinto ezingcwele zikaDavide, uyise; igolide, isiliva nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.


thathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaSimakade, bonke abanenhliziyo ethandayo mabanikele kuSimakade: ngegolide, ngesiliva, ngethusi;


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”


Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.


UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibhithe, inceku yomAmaleki, kodwa inkosi yami yangishiya, ngokuba ngase nginezinsuku ezintathu ngigula.


UDavide waphanga zonke izimvu nezinkomo. Abantu bakuqhuba phambili, enye imfuyo yalandela ngemuva, babehamba bethi: “Le yimpango kaDavide.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ