Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 17:16 - IsiZulu 2020

16 Inkosi uDavide yahamba yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani Simakade Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungithwale kuze kube lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Inkosi uDavide yafika, yahlala phambi kukaJehova, yathi: “Ngingubani mina, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe lapha na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 17:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Angilufanele lolu thando ongenzele lona nokwethembeka okungaka okukhombise mina inceku yakho. Ngawela leli Jordani ngiphethe kuphela udondolo, kodwa manje senginamaqembu amabili.


Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na?


UHezekiya wayamukela incwadi eyayilethwe yizithunywa, wayifunda. UHezekiya wayesekhuphukela endlini kaSimakade, wafike wayeneka phambi kukaSimakade.


UNathani wakhuluma kuDavide njengawo wonke lawa mazwi nanjengawo wonke lo mbono.


Nalokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Simakade Nkulunkulu.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe.


Simakade, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule na?


Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka,


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


Waphendula wathi: “Kodwa Nkosi, ngingamkhulula kanjani u-Israyeli, na? Umndeni wakithi ungomncinyane kwaManase, nami ngingomncane endlini kababa.”


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ