Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 16:4 - IsiZulu 2020

4 Wamisa phambi komphongolo kaSimakade abanye babaLevi ukuba bakhonze, benze isikhumbuzo, babonge futhi bamdumise uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wamisa abathile kumaLevi ukuba bakhonze phambi komphongolo kaJehova, balobe, badumise, badumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 16:4
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.


Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukufezile lokhu ngesandla sakhe, ethi:


UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.


Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, yilowo nalowo isinkwa, isigaxa sengqansundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe.


U-Asafa nguye owayengamele nesigaba sakhe sesibili, uZakhariya, uJeyiyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, uMathithiya, u-Eliyabe, uBhenaya, u-Obhede Edomi noJeyiyeli, bephethe izingubhu namahabhu, u-Asafa ephethe amasimbali, ewashaya.


Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, nizazise kubantu izenzo zakhe.


UDavide, uZadoki, omunye wozalo luka-Eleyazare, no-Ahimeleki, wozalo luka-Ithamari, babehlukanisa ngezigaba zabo, ngokomsebenzi wabo.


UDavide nabakhuzi bempi behlukanisela umsebenzi amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani nakaJeduthuni; ayezophrofetha ngamahabhu, ngezingubhu, nangamasimbali. Abantu ababezokwenza umsebenzi wenkonzo babeyileli nani, bemi kanje:


Nampa abantu uDavide ababeka ukuba bahole ukuhlabelela endlini kaSimakade, ngesikhathi umphongolo usubekwe khona.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Lapho abakhi bebeka isisekelo sethempeli likaSimakade, abaphristi bagqoka izingubo zabo zobuphristi, baphatha amacilongo. AbaLevi ababengamadodana ka-Asafa bathatha amasimbali, bahlabelela bedumisa uSimakade njengesimiso sikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


Izinhloko zabaLevi nazi: uHashabhiya, uSherebhiya noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo bebhekene nabo bedumisa, bebonga njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba sibhekene nesigaba.


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!


Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile,


Nkulunkulu, phangisa ungikhulule. Simakade, phuthuma ungisize.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ