Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 16:3 - IsiZulu 2020

3 Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, yilowo nalowo isinkwa, isigaxa sengqansundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wanika wonke u-Israyeli, owesilisa nowesifazane, kwaba yilowo nalowo iqebelengwane lesinkwa, neqatha lenyama, nendebe yewayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 16:3
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wayesephaphama; lokho kwakuyiphupho; wasuka lapho wabuyela eJerusalema. Wafike wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade, wanikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yokuthula, wenzela izinceku zakhe zonke idili.


Eseqedile uDavide ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade.


Wamisa phambi komphongolo kaSimakade abanye babaLevi ukuba bakhonze, benze isikhumbuzo, babonge futhi bamdumise uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


UHezekiya, inkosi yakwaJuda, wayekhiphele ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizi-7 000 ukuba kube yiminikelo, izikhulu zakhipha izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizi-10 000; abaphristi bazingcwelisa ngobuningi bazo.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle izibiliboco, niphuze newayini elimtoti, nabele nalabo abantulayo, ngokuba lolu lusuku olumiselwe uSimakade iNkosi yethu, ningabi lusizi, ngokuba intokozo eniyiphiwa nguSimakade iyinqaba yenu.”


Ngondle ngamakhekhe anamagilebhisi omisiwe, ungivuselele ngamahhabhula, ngokuba ngiyafa wuthando.


Ngakho-ke abakwaMowabi mabamlilele uMowabi; bonke balikhalele ikhekhe elinamagilebhisi omisiwe laseKhiri Haresethi. Lilani nidabukele kuphela abavithizwe yizinhlupheko.


Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”


Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ