Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 16:2 - IsiZulu 2020

2 Eseqedile uDavide ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi uDavida eseqedile ukunikela iminikelo yokutshiswa leminikelo yokubonga, wabusisa abantu ebizweni leNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 16:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”


UJakobe wambusisa uFaro, wayesesuka phambi kukaFaro.


UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro.


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla.


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, yilowo nalowo isinkwa, isigaxa sengqansundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe.


Kwathi sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababenayo bakhothama, bakhuleka.


Kwase kusukuma abaphristi nabaLevi babusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni kaSimakade engcwele, ezulwini.


Kuyakuba ngumsebenzi wesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, iminikelo yokusanhlamvu, iminikelo yokuphuzwayo emikhosini, ekwethwaseni kwenyanga nangamasabatha, emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli. Isikhulu siyakuletha umnikelo wesono, umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba kwenzelwe indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.


UJoshuwa wayesebabusisa, wabakhulula ukuba bahambe, bahamba babuyela emathendeni abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ