Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 15:3 - IsiZulu 2020

3 UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UDavide wabutha wonke u-Israyeli eJerusalema ukuba alethe umphongolo kaJehova endaweni yawo ayewulungisele wona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 15:3
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile.


Bawungenisa umphongolo kaSimakade, bawubeka endaweni yawo, phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. UDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, phambi kukaSimakade.


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwana, abaholi boyise babantu bakwa-Israyeli babuthana enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuze bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade emzini kaDavide iZiyoni.


UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.


UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi.


UDavide wakha izindlu emzini wakhe, walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela ithende.


Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona.


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise.


Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema.


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli, zonke izinhloko zezizwana, abaholi bawoyise babantu bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, bewususa emzini kaDavide iZiyoni.


Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ