Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 15:29 - IsiZulu 2020

29 Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade usungeniswa emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza ngefasitela, wabona inkosi uDavide isina, igida; wayedelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala, wayidelela enhliziyweni yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 15:29
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.


Kwathi lapho uDavide esehleli esigodlweni sakhe, wathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni semisedari, kodwa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade uphansi kwamakhethini.”


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,


Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezigubhu ezinezintambo ezilishumi, nemitshingo.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;


Kuyothi lapho nanda, futhi nichuma ezweni, ngalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “abasayukusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade;’ awuyukungena enhliziyweni, abayukuwucabanga, abasayukuwukhumbula, abayukuba nesizungu sawo, awuseyukwenziwa omusha.


Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


Basuka entabeni kaSimakade, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu. Umphongolo wesivumelwano sikaSimakade wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu, ukubafunela indawo yokuphumula.


Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.”


Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.


Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.


“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu, ihlale khona, ibe ngubufakazi, imelane nani.


Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Abakwa-Israyeli babuza kuSimakade ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku,


USawule wayesemganisile uMikhali indodakazi yakhe, wamganisela uPhalithi, indodana kaLayishi, waseGalimi.


Kwathi lapho abantu bengena enkanjini, amalunga akwa-Israyeli athi: “USimakade usibulaleleni namuhla phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade eShilo, ube ngakithi, sihambe nawo, usisindise esandleni sezitha zethu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ