Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 15:26 - IsiZulu 2020

26 Kwathi lapho uNkulunkulu esebasizile abaLevi, abathwali bomphongolo wesivumelwano sikaSimakade, base benikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lapho uNkulunkulu esiza amaLevi ayethwele umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 15:26
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakuthi uma ababethwele umphongolo kaSimakade sebehambe amanyathelo ayisithupha, bese ehlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”


Ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakunikela kuSimakade umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici, ngalezo zinsuku eziyisikhombisa; sinikele ngempongo usuku nosuku, ibe ngumnikelo wesono.


UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Ngakhele ama-althare ayisikhombisa lapha, bese ungilungisela izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”


“ ‘Ngosuku lwesikhombisa niyonikela ngalokhu: izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici,


Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka,


Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ