1 iziKronike 15:16 - IsiZulu 202016 UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE16 UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202416 UDavide wakhuluma ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo ukuba babe abahlabeleli, benezinsimbi zomculo, amahabhu, nezinsimbi, namasimbali, baphakamise izwi ngokujabula. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.