Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 14:2 - IsiZulu 2020

2 UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli, ngoba umbuso wakhe waphakanyiswa ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 14:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.


UDavide eseseJerusalema wabuye wathatha abanye abafazi, wazala amanye amadodana namadodakazi.


Nalokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Simakade Nkulunkulu.


Bheka, ngiyakunika izinceku zakho ezigawula imithi, amakhora kakolo ayizi-20 000, amakhora ebhali ayizi-20 000, amabhati ewayini ayizi-20 000, namabhati ayizi-20 000 amafutha.”


UHuramu, inkosi yaseThire, waloba wayesethumela kuSolomoni, wathi: “USimakade uyabathanda abantu bakhe; ukubeke waba yinkosi phezu kwabo.”


Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”


Mina-ke, akungakuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


“Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ