Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:6 - IsiZulu 2020

6 UDavide wakhuphuka kanye no-Israyeli wonke, baya eBhahala, okungukuthi eKiriyathi Jeharimi kwaJuda, ukuze bakhuphule lapho umphongolo kaNkulunkulu uSimakade ohleli phezu kwamakherubhi, obizwa ngegama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi,* owawubizwa ngegama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavide wakhuphuka no-Israyeli wonke, waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi lakwaJuda, ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phakathi kwamakherubi ogama lakhe libizwa kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’


UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


USimakade uyabusa, abantu mabathuthumele, uhleli phezu kwamakherubhi, umhlaba mawuzamazame.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


“Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, oqhwakele phezu kwamakherubhi, unguNkulunkulu, Wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, nguWena owenze izulu nomhlaba.


“Bayakulibeka kanjalo iGama lami phezu kwabakwa-Israyeli, Mina ngibabusise.”


Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.


IKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi, neRaba; kuyimizi emibili nemizana yayo.


bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi,


Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.


Abantu base bethumela eShilo, bawuthatha lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade Wamabandla owawuhlezi phezu kwamakherubhi. Amadodana ka-Eli omabili, uHofini noFinehasi, babelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Bathumela izithunywa ezakhamuzini zaseKiriyathi Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaSimakade; yehlani, niwuthathe niwukhuphulele kini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ