Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:5 - IsiZulu 2020

5 UDavide wambuthela ndawonye wonke u-Israyeli, kusukela eShihori eGibhithe, eLebo, kuze kube seHamathi, ukuba kuyolandwa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeharimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavida wasebuthanisa wonke uIsrayeli kusukela eSihori eGibhithe kuze kufike ekungeneni kweHemati ukuze akhuphe umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeyarimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide waphinde wabaqoqa bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, ababa yizi-30 000.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


USolomoni wawugubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela eLebho Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe, ngaphambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku ezili-14.


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo.


Ibandla lonke lathi makwenziwe kanjalo, ngokuba lokho kwakuthokozisa kubo bonke abantu.


UDavide wakhuphuka kanye no-Israyeli wonke, baya eBhahala, okungukuthi eKiriyathi Jeharimi kwaJuda, ukuze bakhuphule lapho umphongolo kaNkulunkulu uSimakade ohleli phezu kwamakherubhi, obizwa ngegama lakhe.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


emanzini amaningi; imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayili kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo izizwe ezazithenga kuyo.


Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?


Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.


Bathumela izithunywa ezakhamuzini zaseKiriyathi Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaSimakade; yehlani, niwuthathe niwukhuphulele kini.”


Abantu baseKiriyathi Jeharimi bafika belethe umphongolo kaSimakade, bawungenisa endlini ka-Abhinadaba entabeni, bangcwelisa u-Eleyazare, indodana yakhe, ukuba anakekele umphongolo kaSimakade.


Kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyathi Jeharimi, kwedlula isikhathi eside, iminyaka engama-20. Yonke indlu yakwa-Israyeli yakhala kuSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ