Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:2 - IsiZulu 2020

2 UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kubonakala kukuhle emehlweni enu nokuthi kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masithumele kubazalwane bethu ezindaweni zonke eziseleyo ezweni lonke lakwa-Israyeli, nakubapristi kanye nabo. NamaLevi asemizini yawo nasemadlelweni awo, azibuthele kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zakhuluma kuye, zathi: “Uma namuhla uzokuba yinceku yalaba bantu, ubakhonze, ukhulume amazwi amahle lapho ubaphendula, bayokuba yizinceku zakho, zonke izinsuku zabo.”


Inkosi uJoramu yayibuyile eJizreyeli ukuze yelashwe amanxeba ayo eyayiwalinyazwe ngama-Aramu ngesikhathi belwa noHazayeli inkosi yakhona. UJehu wathi: “Uma lokhu kuvela kini, makungabaleki muntu aphume emzini, ukuze ayobika eJizreyeli.”


Kwathi lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi abanye bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika ahlala kuyo.


UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.


Masihambe siyowulanda siwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asizange siwufune ngezinsuku zikaSawule.”


Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”


Lapho kungekho khona ukwelulekana, amasu ayabhuntsha, kodwa uma bebaningi abeluleki ayaphumelela.


Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile amazwi uRabi Shake awathunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, okweyisa uNkulunkulu ophilayo, amsole ngawo uSimakade uNkulunkulu wakho; ngalokho phakamisela insali esaseleyo umkhuleko wakho.”


AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ