Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 13:10 - IsiZulu 2020

10 Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba wayelulele isandla emphongolweni. Wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla sakhe emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 13:10
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathukuthela ngokuba uSimakade ehlasele u-Uza. Wayibiza leyo ndawo ngokuthi yiPherezi Uza, kuze kube namuhla.


Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”


Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


Ngakho-ke uJoshuwa, indodana kaNuni, wabiza abaphristi, wathi kubo: “Thathani umphongolo wesivumelwano bese abaphristi abayisikhombisa baphathe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama phambi komphongolo kaSimakade.”


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ