Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:40 - IsiZulu 2020

40 Nabakhelene nabo, kusukela kwa-Isakhare, kwaZebuloni, nakwaNafethali, baletha isinkwa ngezimbongolo, ngamakameli, ngeminyuzi, nangezinkabi. Baletha ukudla okusanhlamvu, izigaxa zamakhiwane, izigaxa zamareyizini, iwayini namafutha, izinkabi nezimvu eziningi, ngokuba kwakunokuthokoza okukhulu kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Ababe seduze nabo kuze kube kwa-Isakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi,* nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Ngaphezu kwalokho, labo ababeseduze nabo, kwaze kwaba kwa-Isakare, noZebuloni, nakwaNafetali, baletha isinkwa ngezimbongolo nangamakamela, neminyuzi, nezinkomo, nenyama, nempuphu, namaqebelengwane omkhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomisiweyo, newayini, namafutha, nezinkomo, nezinkomo; nenala, ngokuba kwakukhona intokozo kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:40
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.


Bonke abantu benyuka belandela uSolomoni bebetha amacilongo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngenxa yomsindo wabo.


Abantu bonke bezwe bathokoza kakhulu, umuzi waba nokuthula. U-Athaliya babembulele ngenkemba esigodlweni.


Bahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.


UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.


Badla, baphuza phambi kukaSimakade ngalolo lusuku, bathokoza kakhulu. USolomoni, indodana kaDavide, baphinda okwesibili bambeka, bamgcobela uSimakade ukuba abe ngumbusi, uZadoki abe ngumphristi.


Uma kubahambela kahle abalungileyo umuzi uyathokoza; lapho izikhohlakali zibhubha kuba khona umsindo wentokozo.


Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kodwa bayakhononda ngokubusa kwesikhohlakali.


USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”


U-Abhigayili waphangisa, wathatha izinkwa ezingama-200, izimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, amaseya ayisihlanu otshwele, izigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa ezingama-200 zamakhiwane, wakukhweza ezimbongolweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ