Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 12:32 - IsiZulu 2020

32 Kwabozalo luka-Isakhare, labo ababeqonda ngezikhathi ukuba bazi okufanele kwenziwe ngu-Israyeli; izinhloko zabo ezazingama-200; bonke abafowabo balalela izwi labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kubantwana bakwa-Isakare, ababekwazi ukuqonda izikhathi, ukwazi okufanele u-Israyeli akwenze; amakhanda abo ayengamakhulu amabili; bonke abafowabo balandela umyalo wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 12:32
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.


Engxenyeni yesizwana sakwaManase kwakuyizi-18 000 ezazibizwe ngamagama ukuba zifike zizobeka uDavide, abe yinkosi.


Kuwo kwakukhona amabutho ngamaviyo awo, ezizukulwaneni zezindlu zokhokho bawo. Kwakungamabutho ayizi-36 000, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.


Kwakuwumkhuba wenkosi ukubuza maqondana nezinto eziphathelene nomthetho nokwehlulela, kubeluleki,


Ukuhlakanipha koqondayo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Umuntu ohlakaniphileyo wedlula onamandla, nonolwazi wedlula onezikhwepha.


Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.


Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.


Iphimbo likaSimakade limemeza umuzi. Igama lakho liyakubona impumelelo. Lalela sizwe kanye nalowo osiqokileyo.


kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na?


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ