Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:3 - IsiZulu 2020

3 Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho onke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nabo eHebroni phambi kukaJehova; bamgcoba uDavide abe yinkosi phezu kuka-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:3
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”


Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


Izinceku zikaJosiya zasithatha ngenqola isidumbu sakhe eMegido, zasibuyisela eJerusalema, zasimbela edlinzeni layo. Abantu bezwe base bethatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise.


Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.


Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi kubo: “Bhekani, nansi indodana yenkosi, iyakubusa njengokusho kukaSimakade ngamadodana kaDavide.


UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.


Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


USimakade ukwenzile lokho, njengoba akhuluma ngami: uSimakade uwususile umbuso kuwe, wawunika umakhelwane wakho, uDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ