Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:23 - IsiZulu 2020

23 Wabulala nowaseGibhithe owayebukeka. Lona waseGibhithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kodwa uBhenaya wabhekana naye ephethe induku nje. Wawuhlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngawo umkhonto wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku, wahlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:23
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenza lezi zinto, wazenzela igama phakathi kwabathathu.


Kwaphinda kwaqubuka enye impi namaFilisti. U-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyathi, umGithi; uthi lomkhonto ayewuphatha lwalungangogongolo lomaluki.


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.


Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini.


Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli ensimbi angama-600. Phambi kwakhe kwakuhamba ophethe isihlangu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ