Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:22 - IsiZulu 2020

22 UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli, wabulala amaqhawe amabili, u-Ariyeli wakwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini, ngosuku kukhithike iqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UBenaya indodana kaJoyada indodana yendoda enesibindi waseKabiseyeli, owenza izenzo eziningi; wabulala izingonyama ezimbili zakwaMowabi; wehla, wabulala ingonyama emphandwini ngosuku lweqhwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:22
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


uBhenaya, indodana kaJehoyada, engamele amaKherethi namaPhelethi; amadodana kaDavide engabaphristi.


UZadoki umphristi, uNathani umphrofethi, uBhenaya, indodana kaJehoyada, amaKherethi namaPhelethi behla, bamgibelisa uSolomoni emnyuzini wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


UBhenaya waya ethendeni likaSimakade, wathi kuJowabe: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ” Wathi: “Qha, ngizofela lapha.” UBhenaya wabuyisela enkosini izwi, wathi: “UJowabe ungiphendule kanjalo.”


Nguye owanconywa kakhulu phakathi kwabangama-30, futhi waba ngumkhuzi wempi yabo, akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.


noZadoki, insizwa eyiqhawe elinamandla, nabakhuzi bempi abangama-22 ababevela endlini kayise.


KwabakwaGadi, abanye bazehlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, amabutho azilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bufana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


Imizi eyayingeyabozalo lukaJuda ngasekupheleni eningizimu kuya emngceleni kwa-Edomi kwakuyilena: yiKhabhizeyeli, i-Edere, iJaguri,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ