Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:19 - IsiZulu 2020

19 Wathi: “Makube kude nami, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza yini igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezi-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 wathi: “Makube kude noNkulunkulu wami ukuba ngenze lokho; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababeka ukuphila kwabo engozini na? ngoba baletha ukuphila kwabo engozini. Yingakho engafuni ukuwaphuza. Lezi zinto zenza lezi zinto ezintathu ngamandla amakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:19
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.


Wathi: “Angizimisele neze, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza kanjani igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezo-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.


UNabothi wayesethi ku-Ahabi: “Anginakukwenza lokho, ngenxa kaSimakade, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami.”


Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kepha akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’


Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.


Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na?


UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


ngokuba ubaba wanilwela, wabeka impilo yakhe ebucayini, wanikhulula esandleni sabakwaMidiyani,


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ