Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:15 - IsiZulu 2020

15 Kwathi ngesikhathi amabutho amaFilisti ekanise eSigodini samaRefa, kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingama-30, baya etsheni kuDavide, emgedeni wase-Adulamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwehla abathathu kwabayizikhulu ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayikanise esigodini samaRefa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:15
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.


AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa.


Bama phakathi nesiqinti sezwe, basivikela, bawabulala amaFilisti. USimakade wabasindisa ngokusindisa okukhulu.


u-Ishmaya waseGibheyoni, iqhawe elalingomunye wabangama-30, engamele abangama-30; uJeremiya, uJahaziyeli, uJohanani, noJozabhadi waseGedera;


Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.


Nina zakhamuzi zaseMaresha, ngizakunithumelela futhi umthumbi, udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulami.


inkosi yaseLibhina: iyodwa; inkosi yase-Adulamu: iyodwa;


bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,


UDavide wasuka lapho, wabalekela emgedeni e-Adulamu. Abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa lokho, behlela khona, baya kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ