Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 11:10 - IsiZulu 2020

10 Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Laba babe yizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, aziqinisa naye embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonke ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 11:10
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.


Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.


Bamsiza uDavide ekulweni namabutho ayemhlasela, ngokuba bonke babengamaqhawe anamandla, bengabakhuzi bempi.


Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.


Kwabozalo lukaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto, behlomele ukulwa babeyizi-6 800.


Wonke lawa mabutho ayehlelwe ngendlela yokulwa, afika eHebhroni ngenhloso eyodwa, yokuzobeka uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, nabo bonke abaseleyo bakwa-Israyeli babenhliziyonye ukubeka uDavide abe yinkosi.


Bahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.


Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.


UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ