1 iziKronike 11:10 - IsiZulu 202010 Yilezi izinhloko zamaqhawe kaDavide ayenazo, ezamsekela ngamandla embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonkana, zambeka waba yinkosi njengokwezwi likaSimakade ngo-Israyeli. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202410 Laba babe yizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, aziqinisa naye embusweni wakhe kanye no-Israyeli wonke ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.