Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 10:7 - IsiZulu 2020

7 Kwathi lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi abanye bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika ahlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi babalekile nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; afika amaFilisti, ahlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 10:7
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu, nendlu yakhe; bonke bafa kanyekanye.


Kwathi ngakusasa amaFilisti afika ezophanga ababuleweyo, amthola uSawule namadodana akhe befile entabeni iGilibhowa.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.


Kwathi lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basenkathazweni ngenxa yengcindezelo enkulu ababekuyo, abantu bacasha emigedeni, emahlozini, emaweni, ezinqabeni, nakuyo imithombokwakhiwa.


Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ