Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 10:13 - IsiZulu 2020

13 USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wafa-ke uSawule ngenxa yesiphambeko sakhe asenza ngaso kuJehova, ephambene nezwi likaJehova angaligcinanga, nangokuba wacela iseluleko kumuntu onomoya owaziwayo ukuba ambuze;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 10:13
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.


Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.


AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


“Ngiyazisola ukuthi ngimbekeleni uSawule waba yinkosi, ngokuba uyekile ukungilandela, akaze awafeza amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuSimakade ubusuku bonke.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ngiyakuwajezisa ama-Amaleki ngalokho akwenza ku-Israyeli, amelana naye ngesikhathi esendleleni ephuma eGibhithe.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ