Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 iziKronike 1:17 - IsiZulu 2020

17 Amadodana kaShemi: ngu-Elamu, u-Ashuri, u-Ariphakishade, uLude, u-Aramu, u-Uze, uHule, uGetheri noMeshekhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Amadodana kaShemi: I-Elamu, ne-Ashuri, no-Arpakisadi, noLudi, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 iziKronike 1:17
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.


Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi.


Ngalezo zinsuku kwasuka u-Amirafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyokhi inkosi yase-Elasa, noKhedoloma inkosi yase-Elamu, noThidali inkosi yezizwe,


U-Ariphakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebhere.


zaya kuZerubhabhele nasezinhlokweni zemindeni, zathi kubo: “Masinisize nathi ekwakheni, ngokuba sikhonza uNkulunkulu njengani; besilokhu sethula imihlatshelo kuye kusukela ngezinsuku zika-Esari Hadoni, inkosi yase-Asiriya, okunguyena owasiletha lapha.”


Ne-Asiriya lahlangana nabo, laba yingalo yabantwana bakaLothi. Sela


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


I-Elamu lithathe umgodla nezinqola zempi nabamahhashi; iKhiri laveza isihlangu salo.


“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.


wonke amakhosi aseZimri, wonke amakhosi ase-Elamu, wonke amakhosi aseMediya,


“ ‘AbasePheresiya abaseLude nabasePhuthi babesempini yakho, bengamabutho empi yakho. Baphanyeka kuwe izihlangu nezigqoko zempi; bakuhlobisa waba muhle.


“ ‘AbaseHarana, abaseKhane abase-Edene, abaseShebha, abase-Asiriya nabaseKilimadi babehwebelana nawe.


“Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo alizungeze nxazonke, bonke bafe ngenkemba.


“Lapho kukhona i-Elamu naso sonke isixuku salo nxazonke zethuna, babulawe bonke, baqunjwa phansi ngenkemba, behlela phansi komhlaba bengasokile, labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo; sebethwele ihlazo nalabo abehlela egodini.


Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


kaKhenani, ka-Arifaksadi, kaShemu, kaNowa, kaLameki,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ