Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:9
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wamashumi amahlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Maye kuwo umqhele wokuzidla, izidakwa zakwa-Efrayimi, onkazimulo yakhe iyimbali ebunayo, ephezu kwezigodi ezivundileyo zabanqotshwe iwayini!


Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.


UJehova waphinda wakhuluma ku-Ahazi, wathi:


Wathi kuye: “Nakekela, uthule; ningesabi, ningadangali ngenxa yemisila yomibili yale mililo ethunqayo, ngenxa yolaka lukaResini phezu kwe-Aramu nendodana kaRemaliya.


Ngoba engakakwazi umntwana ukuthi: Baba lomama, ingcebo yeDamaseko lempango yeSamariya kuzakwemukwa phambi kwenkosi yeAsiriya.


Bonke abantu bayokwazi, okungukuthi u-Efrayimi nabakhileyo eSamariya, abathi ngenhliziyo ezidlayo nenamandla:


U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe kanye nezono zendlu ka-Israyeli. Siyini isono sikaJakobe na? akusilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? alilona iJerusalema na?


Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu.


Ngakho yimani isibindi, madoda, ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuyakuba njengalokho engitsheliwe.


Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ