Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwabikelwa indlu kaDavide, kwathiwa: “I-Aramu ihlangene no-Efrayimi.” Inhliziyo yakhe yanyakaziswa, nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yehlathi inyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:2
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.


Kodwa yena uzakuba lesizwe esisodwa ngenxa yenceku yami uDavida langenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo kuzo zonke izizwe zakoIsrayeli.


Kwathi wonke uIsrayeli ebona ukuthi inkosi kayibalalelanga, abantu baphendula inkosi, bathi: Silesabelo sini kuDavida? futhi asinafa endodaneni kaJese; Ematendeni akho, Israyeli, bheka manje endlini yakho, Davide! u-Israyeli waya ematendeni abo.


Wamemeza nge-altare ngezwi likaJehova, wathi: “O altare, altare, usho kanje uJehova; Bheka, kuyakuzalelwa endlini kaDavide umntwana ogama lakhe linguJosiya; uyakunikela phezu kwakho abapristi bezindawo eziphakemeyo abashunqisa umusi phezu kwakho, kushiswe amathambo abantu phezu kwakho.


U-Amasiya wayesebahlukanisa, impi eyafika kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba ibuyele ekhaya; ngalokho intukuthelo yabo yamvuthela uJuda, babuyela ekhaya bethukuthele kakhulu.


Kwasekusukuma abathile ezikhulwini zabantwana bakwaEfrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJishikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma impi;


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?


Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Umhawu ka-Efrayimi uyomuka, nabamelene noJuda bayonqunywa; U-Efrayimi ngeke amhawukele uJuda, noJuda ngeke amcasule u-Efrayimi.


Ngiyakusibeka isihluthulelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; kanjalo uyakuvula, kungavali muntu; futhi uyovala, futhi akekho oyovula.


Ngakho-ke babehlala emandleni amancane, bethuka, bajabha, baba njengotshani basendle, nezitshalo eziluhlaza, notshani ophahleni, nanjengokolweni opheshulwayo ungakahlumi.


Ngoba ngizawuvikela lumuzi ukuze ngiwusindise ngenxa yami lenceku yami uDavida.


Kodwa kuzakuba khona okwetshumi kulo, njalo lizabuya lidliwe: njengesihlahla setiye lanjengesihlahla se-okhi esiluthuli lwaso lapho sivuthulula amahlamvu awo; kanjalo inzalo engcwele iyakuba yimpahla yayo.


Wasesithi: Lalela, wena ndlu kaDavida! Kuyinto encane kini ukukhathaza abantu, kodwa nizokhathala noNkulunkulu wami?


UJehova uyakwehlisela phezu kwakho nakubantu bakho naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingazange zibe khona kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda; inkosi yase-Asiriya.


Ngokuba ama-Aramu, no-Efrayimi, nendodana kaRemaliya, babenecebo elibi ngani, bethi:


Ningasho ukuthi: “Isivumelwano kubo bonke laba bantu abasho kubo ukuthi: ‘Isivumelwano;’ futhi ningesabi ukwesaba kwabo, futhi ningesabi.


Bonke abantu bayokwazi, okungukuthi u-Efrayimi nabakhileyo eSamariya, abathi ngenhliziyo ezidlayo nenamandla:


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uJehova; Ekuseni gcwalisa ukwahlulela futhi usindise ophangiwe esandleni somcindezeli, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo futhi lushise okungenakucinywa muntu ngenxa yobubi bezenzo zakho.


U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe.


UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka, neJerusalema lonke kanye naye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ