Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 66:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ohlaba inkomo unjengobulala umuntu; onikela ngewundlu unjengonquma intamo yenja; onikela ngomnikelo wempuphu unjengonikela ngegazi lezingulube; onyusa impepho njengobusisa isithombe. Yebo, bazikhethele izindlela zabo, futhi umphefumulo wabo ujabulela izinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 66:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma eletha ngomqondo omubi?


Akakho ophakamisa enhliziyweni yakhe, kungekho kwazi nokuqonda ukuba athi: Ingxenye yawo ngiyishisile ngomlilo; yebo, ngabhaka isinkwa phezu kwamalahle alo; ngosiwe inyama, ngayidla, nensali yakhona ngiyenze isinengiso na? ngizowela esiqwini sesihlahla?


Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.


Ngathukuthela ngobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya;


Ngakho ngizalibeka njengenkemba, njalo lizakhothama lonke phambi kokuhlatshwa; ngoba lapho ngibiza, kaliphendulanga; lapho ngikhuluma, anizwanga; kodwa ngenza okubi emehlweni ami, ngakhetha engingathokozi ngakho.


Ngelulé izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engeyinhle, belandela imicabango yabo;


Labo abazingcwelisayo, bazihlambulule ezivandeni emva kwesihlahla esiphakathi, badle ingulube, nesinengiso, negundane, bayakuqedwa kanyekanye,” usho uJehova.


Kungani kufike kimi impepho evela eSheba, nomhlanga omnandi ovela ezweni elikude? iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, neminikelo yenu yokushiswa ayimnandi Kimi.


Kumelwe uwulethe emadodaneni ka-Aroni, abapristi; athabathe isandla sakhe kufulawa wakhe nasemafutheni akhe kanye nayo yonke impepho ekuyo; umpristi ashise isikhumbuzo sawo e-altare njengomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Wayesephendula uHagayi, wathi: “Kunjalo ngalaba bantu, kanjalo lesi sizwe siphambi kwami,” usho uJehova; unjalo wonke umsebenzi wezandla zabo; nabanikela ngakho lapho kungcolile.


Nengulube, ngokuba yahlukanisa izinselo, kepha ayetshisi, ingcolile kini; aniyikudla inyama yazo, ningadli izidumbu zazo.


Ungalethi inkokhelo yesifebe nenani lenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho nganoma yisiphi isithembiso; ngoba lezi ezimbili ziyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


Hambani nibize onkulunkulu enibakhethile; akusindise ngesikhathi sokuhlupheka kwakho.


Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.


Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ