Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 61:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 61:3
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMoridegayi wasuka enkosini egqoke izingubo zobukhosi eziluhlaza nokumhlophe, enomqhele omkhulu wegolide, nangengubo yelineni elicolekileyo nokububende; umuzi waseShushani wathokoza, wajabula.


njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.


newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso.


Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Waphendula ukulila kwami kwaba ngukusina; Wangihlubula indwangu yamasaka, wangibhincisa intokozo;


Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.


Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Izingubo zenu mazibe mhlophe njalo; ikhanda lakho lingasweli amafutha.


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


Vulani amasango, ukuze kungene isizwe esilungileyo esigcina iqiniso.


Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.


Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.


Futhi ngiyobavusela isitshalo segama, futhi ngeke besaqedwa yindlala ezweni futhi ngeke besalithwala ihlazo lezizwe.


Lapho ngibuya, bheka, ogwini lomfula kwakukhona imithi eminingi ngalapha nangalapha.


Ngasengisithi: Kabamthwese isigqoko esihle ekhanda. Bamgqokisa isigqoko esihle ekhanda, bamembathisa izingubo. Ingelosi kaJehova yema eduze.


Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;


UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;


Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.


Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ