Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 6:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 6:3
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahlabelela kanyekanye ukudumisa nokudumisa uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe ku-Israyeli umi phakade. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu lapho bedumisa uJehova, ngoba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Phakamisa wena Nkulunkulu phezu kwamazulu; inkazimulo yakho mayibe phezu komhlaba wonke.


Hlabelelani inkazimulo yegama lakhe, khulisani udumo lwakhe.


Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.


Emlonyeni wezingane nezinsana unike amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze uthulise isitha nabaphindisayo.


Umsebenzi wakho mawubonakale ezincekwini zakho nodumo lwakho kubantwana bazo.


Amazulu amemezela ukulunga kwakhe, futhi bonke abantu bayayibona inkazimulo yakhe.


Mabadumise igama lakho elikhulu nelesabekayo; ngoba ingcwele.


Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke entabeni yakhe engcwele; ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele.


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Sizwile amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi: Udumo malube kolungileyo. Kodwa ngathi: Uzacile wami, uzacile wami, maye kimi! abathengisi abakhohlisayo benza ngokukhohlisa; yebo, abathengisi abakhohlisayo benza ngokukhohlisa okukhulu.


Inkazimulo kaJehova iyakwambulwa, yonke inyama ibone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, nezwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi, nomhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.


Wayesengilethela indlela evela eSangweni Lasenyakatho phambi kwendlu; ngabona, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


UJehova uyakuba yinkosi phezu komhlaba wonke: ngalolo suku kuyakuba munye uJehova, negama lakhe libe linye.


Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi.


Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ