Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 57:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyakungena ngokuthula; bayophumula emibhedeni yabo, kube yilowo nalowo ehamba ngobuqotho bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 angene ekuthuleni. Abahambe ngobuqotho bayophumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 57:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.


Bammbela emathuneni akhe ayemenzele wona emzini kaDavide, bamlalisa embhedeni ogcwele iziqholo nezinhlobo zonke zamakha alungiselwe ubuciko babathaki; futhi bamenzela umlilo omkhulu kakhulu.


Lapho ababi bayekela ukukhathazeka; nalapho abakhatheleyo bayaphumula.


Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.


Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.


Wonke amakhosi ezizwe, wonke alele enkazimulweni, ngulowo lalowo endlini yakhe.


Indlela yolungileyo iqotho; Wena, oqotho kakhulu, ulinganisa indlela yabalungileyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Bammisela umbhede phakathi kwababuleweyo kanye nesixuku sakhe sonke; amathuna akhe nxazonke zakhe: bonke abangasokile, ababulewe ngenkemba; nakuba besatshwe ezweni labaphilayo, bathwala ihlazo labo kanye nabehlela egodini; Ubekwe phakathi kwabanqotshiwe.


Kodwa wena hamba kuze kube sekupheleni, ngoba uzaphumula futhi ume esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;


Manje, Nkosi, uyayiyeka inceku yakho ihambe ngokuthula njengezwi lakho.


Wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ngokuthula.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Sinesibindi, ngithi, sithanda kakhulu ukuba kude nomzimba, sibe khona neNkosi.


Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ