Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 51:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 51:3
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ithafa lonke laseJordani ukuthi lalinamanzi amaningi yonke indawo, ngaphambi kokuba uJehova abhubhise iSodoma neGomora, njengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibhithe, njengoba ufika eSowari.


Ngiyakuzwa lokho uNkulunkulu uJehova ayakukukhuluma, ngokuba uyakukhuluma ukuthula kubantu bakhe nakwabangcwele bakhe; kodwa kababuyele ebuwula.


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


Futhi kuyothiwa ngalolo suku: Bheka, lo nguNkulunkulu wethu; simlindile, futhi uzosikhulula. NguJehova; silindele yena, sithokoze, sithokoze ngensindiso yakhe.


Khona oyisishosha uyakugxuma njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba kuyakubhoboka amanzi ogwadule, nemifudlana ehlane.


Uzawaphephetha, umoya uwasuse, lesiphepho sizawahlakaza; futhi ngokuqinisekile uyojabula ngoJehova, uzidumise ngoNgcwele ka-Israyeli.


Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule.


oqinisa izwi lenceku yakhe nofeza icebo lezithunywa zakhe; othi kulo iJerusalema: Liyakuhlalwa; nasemizini yakwaJuda: Niyakwakhiwa, ngivuse izindawo zayo ezidilikileyo.


Hlabelelani nina mazulu! futhi jabula, O mhlaba! niqhume ngokujabula, zintaba; ngokuba uJehova wabaduduza abantu bakhe, waba nomusa kwabampofu bakhe.


Ngoba incithakalo yakho nezindawo zakho eziyincithakalo nezwe lakho eliyincithakalo liyoba ncane kakhulu ngisho namanje ngenxa yabakhileyo, nalabo abakushwabadelayo bayoba kude.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngesikhathi sokuthokoza ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza; amafa alahliwe;


Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;


Jabulani ngokuthokoza, nihlabelele kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Kodwa thokozani, lethabe kuze kube nininini ngengikudalayo;


Ngokuba ngiyawusuthisa umphefumulo okhatheleyo, ngigcwalise yonke imiphefumulo edabukileyo.


Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu; Wonke amatshe ayigugu ayeyisigqoko sakho, isardiyu, netopazi, nedayimane, nekrisolithe, neshohamu, nejaspi, nesafire, nesimaragidu, nekarbuncle, negolide; kuwe ngosuku lokudalwa kwakho.


Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; futhi bayokwanda futhi bathele izithelo; ngiyakunenza njengempahla yenu endala, ngenze kangcono kunakuqala; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Futhi bayakuthi: Leli zwe elaliyincithakalo selinjengensimu yase-Edene; namanxiwa, nemizi echithekileyo, nencithakalo yaba ebiyelwe ebiyelwe, yahlalwa.


Umlilo udla phambi kwabo; futhi emva kwabo ilangabi liyavutha; izwe linjengensimu yase-Edene phambi kwabo, futhi emva kwabo ugwadule lwasendle; yebo, futhi akukho lutho oluyophunyuka kubo.


Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ