Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kuyothi labo abasele eSiyoni, nalabo abasele eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, wonke umuntu olotshwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kuyothi insali eseZiyoni nalabo abasele eJerusalema, bonke ababhaliselwe ukuthi basaphila eJerusalema, kuthiwe bangcwele,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 4:3
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


INkosi iyakubala, lapho ibhala abantu, ukuthi lo muntu wazalelwa khona. Sela.


IZiyoni lizahlengwa ngokulunga, labaphendukayo balo ngokulunga.


Ngalolo suku uJehova Sebawoti uyakuba kuyo insali yabantu bakhe umqhele wenkazimulo nomhlobiso wobuhle;


Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.


Ngizwe, wena ndlu kaJakobe, kanye nayo yonke insali yendlu ka-Israyeli, enanithwala kwasesiswini, enanithwalwa kwasesiswini.


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Kodwa kuzakuba khona okwetshumi kulo, njalo lizabuya lidliwe: njengesihlahla setiye lanjengesihlahla se-okhi esiluthuli lwaso lapho sivuthulula amahlamvu awo; kanjalo inzalo engcwele iyakuba yimpahla yayo.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Bayakubabiza ngokuthi: Abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; uyakubizwa ngokuthi: Ofuniweyo, umuzi ongashiyiwe.


Isandla sami siyakuba phezu kwabaprofethi ababona okuyize namanga; Israyeli; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Lona ungumthetho wendlu; Esiqongweni sentaba, wonke umngcele wayo nxazonke kumelwe ube ngcwelengcwele. Bheka, nanku umthetho wendlu.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ohlezi eSiyoni, intaba yami engcwele; khona iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula futhi.


Kodwa eNtabeni yaseSiyoni kuyoba khona insindiso, futhi kuyoba khona ubungcwele; indlu kaJakobe iyakudla ifa layo.


Ngiyakubutha zonke izizwe ukuba zilwe neJerusalema; umuzi uyothathwa, izindlu ziphangwe, nabesifazane bahlazeke; ingxenye yomuzi iyakuthunjwa, insali yabantu ayiyikunqunywa emzini.


Leha ho le jwalo, le se ke la thabela hoo, ha meya e le tlasa lona; le mpe le thabe, hobane mabitso a lona a ngodilwe lehodimong.


Kwathi abezizwe bekuzwa lokho bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali.


Kanjalo namanje kukhona insali ngokokhetho lomusa.


Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;


Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Isilo owasibonayo sasikhona, kodwa asisekho; bayakwenyuka bephuma kwalasha, baye ekubhujisweni; bayakumangala abahlezi emhlabeni, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila kusukela ekusekelweni komhlaba, lapho bebona isilo esasikhona, ayikho, kanti nokho ikhona.


Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.


Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ