Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 10:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 10:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena ogcwele isiyaluyalu, muzi oxokozelayo, muzi wenjabulo; ababuleweyo benu ababulawanga ngenkemba, ababulawanga empini.


Bayobuthelwa njengokubuthelwa kweziboshwa egodini, bavalelwe etilongweni, bavakashelwe emva kwezinsuku eziningi.


Futhi labo ababulewe bayokhishelwa ngaphandle, futhi ukunuka kwabo kuyokhuphuka ezidunjini zabo, futhi izintaba ziyoncibilika ngegazi labo.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe, welula isandla sakhe phezu kwabo, wababulala; Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ngoba ngomlilo nangenkemba yakhe uJehova uyolwa nayo yonke inyama, futhi labo abanqotshwa uJehova bayoba baningi.


Ngalokho uJehova uyakumvusela abamelene noResini, aqoqele ndawonye izitha zakhe;


ama-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva; futhi bayodla u-Israyeli ngemilomo evulekile. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ngokuba abaholi balaba bantu babayeke baduke; futhi labo abaholwa yibo bayabhujiswa.


Ngakho iNkosi ayiyikuthokoza ngezinsizwa zabo, ingabahawukeli bona nabafelokazi, ngokuba bonke bangabazenzisi nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Futhi uyodwengula ngakwesokunene futhi alambe; uyakudla ngakwesokhohlo, kepha bangasuthi; bayakudla yilowo nalowo inyama yengalo yakhe.


UManase, uEfrayimi; futhi u-Efrayimi, uManase, futhi bona ndawonye bayomelana noJuda. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Kuzakuthi-ke lapho bethi kuwe: Sizakuya ngaphi? uthi kubo: Usho kanje uJehova; Labo abokufa, ekufeni; labo abafanele inkemba, ngenkemba; labo abendlala, baye endlaleni; labo abafanele ukudingiswa, ekuthunjweni.


Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.


Bese bhinca indwangu yamasaka, ukulila nokukhala, ngokuba ulaka lukaJehova alusukanga kithi.


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ