Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngizwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho ngizwa leyo ndaba, ngaklebhula ingubo yami nejazi lami, ngahluthula izinwele zekhanda lami nesilevu sami, ngahlala phansi ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngikuzwa lokho, ngaklebhula ingubo yami nesembatho sami, ngazihluthula izinwele ekhanda nasesilevini, ngahlala phansi, ngimangele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:3
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathatha izingubo zakhe, waziklebhula; kanjalo nawo onke amadoda aye naye.


U-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu noShebina umbhali noJowaki indodana ka-Asafa umbusi beza kuHezekiya nezingubo eziklebhukile, bamtshela amazwi kaRabi Sake.


Kwathi lapho ngizwa lawa mazwi, ngahlala phansi, ngakhala, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu;


Ngase ngilwa nabo, ngabaqalekisa, ngabashaya abanye, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: ‘Aniyikuwanika amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu namadodakazi abo.


Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka.


Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


Ngakho umoya wami uyaphela amandla phakathi kwami; inhliziyo yami iyabila phakathi kwami.


Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.


Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.


Kepha abesabanga, baziklebhula izingubo zabo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.


Ngase ngifika kwabadingisiwe eThelabibi ababehlala ngasemfuleni iKhebari, ngahlala lapho ababehlezi khona, ngahlala phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Bayobhinca indwangu yamasaka, usizi luyobasibekela; amahloni ayakuba phezu kobuso bonke, nempandla phezu kwawo wonke amakhanda abo.


Khona uDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari, wamangala ihora elilodwa, nemicabango yakhe yamethusa. Inkosi yasikhuluma yathi: Belitshazari, iphupho kakungakhathazi. UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi yami, iphupho lingelabakuzondayo, nencazelo yalo ngezitha zakho;


Futhi mina, Daniyeli, ngahluleka, ngagula izinsuku ezithile; emva kwalokho ngasukuma ngenza umsebenzi wenkosi; futhi ngamangala ngalowo mbono, kodwa akekho owawuqondayo.


Akumelwe benze impandla emakhanda abo, futhi akumelwe baphuce emaceleni entshebe yabo futhi bangazisindi enyameni yabo.


Zenzele-ze, uzikhethele wena kubantwana bakho onobubele; khulisa impandla yakho njengokhozi; ngoba bamukile kuwe ekudingisweni.


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ